UMhlonishwa I-Meya KaMasipala wesiFunda uGu, uKhansela S.B.
Kuyintokozo enkulu kithina ukuba sihlanganyele nomphakathi wakithi lapha eSimahla, kulengqophamlando yomcimbi wokwenza ngcono izimpilo zabantu bakithi ngokubakhela izindlu. IsiZulu sithi ayikho impunga yehlathi, lokhu kukubeka ngokusobala ubumqoka nokubaluleka kokuba umuntu abe nekhaya.
Ungaya noma yikuphi kodwa ekugcineni kufanele ubuyele ekhaya. Ikhaya liyisisekelo sempilo yanoma yimuphi umuntu.
Namuhla silapha ukuzokwenza umsebenzi obalulekile wokuhlinzeka umphakathi ngezindlu ezizoba yisisekelo samakhaya abantu bakithi lapha. Uma umuntu ehlezi ekhaya kufanele azizwe ephephile futhi ehlezi ngokukhululeka, hhayi ngokwesaba. Inkinga ekhona ezindaweni zabantu bakithi emakhaya yizakhiwo zezindlu umphakathi ohlala kuzo. Ngenxa yokushaywa indiva nguHulumeni wobandlululo abantu bakithi emakhaya bazama ngokwamandla abo bazakhela izindlu, iningi lazo okungezodaka.
Inkinga ebhekene nemiphakathi yakithi emakhaya ngukuthi ngezikhathi zesimo sezulu esibi, izindlu ezikhona kuye kubenzima ukuba zibhekane nesimo sezulu esibi. Ngaleyondlela imiphakathi yakithi iye ihlalele ovalweni, inokwesabela izimpilo zayo. Ikhaya yikhaya ngokuba nendlu ephephile, asifuni ukuthi abantu bakithi bahlale njalo bebikelwa ngokungahle kwenzeke uma nje kuke kwashintsha umoya ngenxa yokuthi bahlala ezindlini ezingekho esimeni esifanelekile.
Mphathi wohlelo, Umnyango wethu uphume umkhankaso wokubuyisa isithunzi sabantu bakithi ikakhulukazi labo abahlukunyezwa kakhulu wumbuso wobandlululo ngokubahlinzeka ngezindlu. Namuhla sinentokozo enkulu ukuthi umkhankaso wethu wokwakhela umphakathi wakithi izindlu emakhaya usufinyelele kulendawo yalapha eSimahla. Sihamba ngamandla ukusheshisa intuthuko yezindlu kubantu bakithi emakhaya ngoba sifuna kubuyiswe isithunzi sabo esadicilelwa phansi wumbuso wobandlululo.
Ukubuyisa isithunzi sabantu kusho ukuthi wonke umuntu akabe nendlu esesimeni esifanele. Akekho umuntu okufanele ahlale ngokwesaba kodwa ebe ethi uhlezi endlini.
Ngaphambi kokuba kungene loHulumeni wethu wentando yeningi kwakufana nephupho ukuba abantu bangakhelwa izindlu emakhaya. Umbono wethu njengoHulumeni wukubona yonke imiphakathi iphila impilo engcono ngendlela elinganayo. Siyagcizelela emigomeni yethu ukuthi, abantu bakithi abakhelwe izindlu ezindaweni eziseduze namadolobha, ngokunjalo nasezindaweni zasemakhaya, sifuna nabantu bakithi baphile impilo efana neyabo bonke abantu, babe nezindlu ezinhle, ugesi, nemgwaqo.
Thina njengoHulumeni wabantu asikholelwa wukuthi ukuze abantu bakithi bathole intuthuko kufanele baze baye emadolobheni, sifuna intuthuko abantu bakithi bayithole ezindaweni abahlezi kuzona futhi ilethwe ngaphandle kokuphazamisa indlela yabo yokuphila.
Ukusilela ngemuva ngentuthuko yezindlu kuloMasipala walapha kusekuningi kakhulu ngenxa yokuthi izindawo eziningi ezihlala abantu bakithi lapha zazishiywe ngaphandle kohlelo lwentuthuko. Inselelo yethu njengoMnyango ukuguqula sonke lesisimo. Isivinini esihamba ngaso ekuhlinzekeni imiphakathi yakithi emakhaya ngezindlu sekwenze uHulumeni ezingeni likazwelonke nasezingeni lesifundazwe wabona ukuthi mayandiswe imali esetshenziswa nguMnyango wethu ukwakhela abantu bakithi izindlu. Lokhu kuzokwenza ukuthi sikwazi ukunabela ngokushesha nakwezinye izindawo esingakafinyeleli kuzona.
Sesizokwazi manje ukusheshisa uhlelo lwethu lokubhekana ngqo nokuqedwa kwemijondolo(slum clearance) nokwakhela abantu izindlu ezindaweni zasemakhaya ezifana nalapha, sibuyise nesithunzi sabantu bakithi emahhostela.
UMnyango wezeZindlu uyazi ukuthi unzima umsebenzi obhekene noMasipala wokusheshisa intuthuko. Noma kunjalo siyabakhuthaza oMasipala ukuba babhukule bafake izicelo eMnyangweni ukuze imisebenzi enjenganalena yenabele kwezinye izindawo. Abantu ezindaweni zamakhosi yibona abasantula kakhulu intuthuko. Sifuna abantu bakithi e-Thoyana, kwaMaphumulo nkawezinye izindawo nabo bahlomule entuthukweni yezindlu, ngiyazi ukuthi kukhona okunye umnyango okwenzayo ukuhlomulisa umphakathi kulezindawo.
NjengoMnyango sesilihambe lonke leli laKwaZulu-Natali sethula imisebenzi ezindaweni ezinjengalezi. Lokhu kungubufakazi bokuthi loHulumeni okhona uzimisele ukubhekana ngqo nezidingo zabantu. Izindlu esizozethula namhlanje zizogcwalisa ukuthi isivumelwano phakathi kukaHulumeni nabantu sokwenza izimpilo zabo zibe ngcono, siyasigcina. NjengoHulumeni wabantu siyaziqhenya ngokuthi sibe nguHulumeni wokuqala ngqa kulelizwe okwazi ukwakha izindlu emphakathini owakhele Amakhosi.
Own Affairs, ezinye izinhlanga zasebenzisa umthetho wangalesosikhathi zakhela imiphakathi yazo izindlu Akubangakhona mizamo yokwakhela imiphakathi eyakhele amakhosi. Abaningi bese bekwamukele ukuthi intuthuko ayisoze yafika kulezizindawo. Okubuhlungu kakhulu ngukuthi abantu basemakhaya bebeyibona imizi emihle ihlala ezinye izinhlanga abakhelene nazo.
Umlando ubeka ngokusobala ukuthi ngisho abathuthukisi abakhulu ababeyingxenye yoHulumeni bangaphambilini bakwamukela ukuthi izindlu zasemakhaya akukho lutho okungenziwa ngazo.
Kubaluleke kakhulu ukuthi siwazi lomlando, ngoba ukuze siqonde lapha siya khona kufanele sazi ukuthi sisuka kuphi, siqonde nezingqinamba esibhekane nazo njengoHulumeni wabantu. Ngenxa yokunganakekelwa kwezindingo zabantu bakithi kube nesidingo sokuba siqale phansi sakhe imithetho emisha nemigomo emisha ukuze sikwazi ukwakha izindlu ezindaweni zabantu bakithi.
Ziningi izinhlelo esizihlelayo zokuhlinzeka imiphakathi ngentuthuko yezindlu kulendawo. Kubalulekile ukuba ngiwuchazele umphakathi ngezinyathelo esizithathayo uma sigunyazisa umsebenzi omkhulu onjengalona wanamhlanje.
Siyazi ukuthi izinkinga esinazo kwezentuthuko zingumphumela yemithetho yobandlululo. Ngamanye amazwi wonke lomphakathi walapha wawungenalo ilungelo lokuba sezindaweni ezithuthukisiwe. Imigomo nemithetho yethu emisha esiyenze singuHulumeni wabantu isekuqedile lokho.
Ukuze sizanelise ngokuthi akuphinde kwenzeke, sisebenzisane noMasipala ukuze izinhlelo zezindlu zingene ngaphansi kukasomqulu wentuthuko komasipala. Lokhu kuchaza ukuthi sifuna ukuyibona yonke intuthuko Ihleliwe.
Ngamanye amazwi, sifuna ukubona izindlu kanye nohlelo lonke lwentuthuko oludingwa ngabantu abazokwakhelwa lezozindlu okuhlanganisa nezinye izidingo zomphakathi. Kufanele sizanelise ngokuthi abantu bazoyithola intuthuko emikhakheni eyahlukene yempilo. Uma kwakhiwa izindlu ngaphandle kokubhekela ezinye izigaba neminye imikhakha yentuthuko, lezo zindlu angeke zibe amakhaya afudumele. Ikhaya yikhaya uma izidingo zabantu abahlezi kulo zibhekelwa.
Umuntu ongakaze abuzwe ubuhlungu bokungabi nakhaya angakuthatha kancane ukubaluleka kosuku olufana nalolu lwanamhlanje. Kodwa labo kithina abalwaziyo usizi nobuhlungu bokungabi namakhaya, bazokuqonda ukubaluleka kwalolusuku ezimpilweni zabantu bakithi lapha eSimahla namuhla.
Mphathi Wohlelo, izindawo zasemakhaya yizindawo ezisondelene kakhulu nenhliziyo yami. Lokhu kungenxa yokuthi ngiyaphikisana kakhulu nokuhlinzekwa kwezinhlelo zentuthuko ngendlela eshiya imiphakathi yakithi emakhaya nasemalokishini ngaphandle nokwakwenziwa nguHulumeni wobandlululo.
Selokhu sanikezwa lomsebenzi, wokuphatha uMnyango wezeZindlu, oHulumeni baseKhaya neziNdaba zeNdabuko intuthuko ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya siyayiletha ngokushesha.
Sifuna izingane zethu zibe nekusasa eliqhakazile. Uma ubuka ikusasa labantwana kwezemfundo, abantwana abakhuliswe emakhaya akheke kahle anezidingongqangi ezinjengamanzi nogesi, bathola imiphumela emihle esikoleni.
Lokhu akwenziwa ukuhlakanipha nje kuphela, kodwa yingoba bephila kangcono.
Izingane zethu lapha emakhaya ziyaphazamiseka kakhulu zingakwazi ukwenza imisebenzi yesikole ebusuku ngenxa yokuntula ugesi nezinye izidingongqangi.
Umasipala woGu usikhombisile ohlelweni lwawo ukuthi amanzi asekhona endaweni. Labo abazohlomula ngentuthuko yezindlu namhlanje, bazokwazi ukuthola amanzi ahlanzekile eduzane, nokusho ukuthi bazophinde futhi bahlomule ngezindlu zangasese ezihlanzekile. Ngalomsebenzi walapha siyaqinisekisa ukuthi umphakathi wakithi lapha uphila impilo engcono.
Namhlanje inqola yethu yentuthuko ihambele lapha eSimahla ukuzoshabalalisa imiphumela yobuphofu elethwa ukungabikho kwezindlu ezanele ikakhulukazi emiphakathini yakithi emakhaya.
Loluhlelo lwezindlu esilwethula lapha namuhla lusho isiqalo esisha emphakathini walapha. Lomsebenzi uzoshintsha izimpilo zabantu abaningi abakhele lendawo yaseSimahla. Lengqophamlando yomsebenzi iwubufakazi bokuthi sesithathe elikhulukazi igxathu ekufezekiseni umbono wethu wokuthuthukisa izimpilo zabantu bakithi ikakhulukazi labo abampofu kakhulu.
Indlu phela inika umuntu isithunzi nokuziqhenya, iyindawo ongayibiza ngekhaya, ikuvikela kwiziphepho, nesimo sezulu esibi, iyindawo yakho yokuphepha nekunika ubunikazi.
Ngaphezu kwalokhu loluhlelo luzophinde ludale amathuba emisebenzi amaningi emphakathini lapha Ngaloluhlelo sizoqinisekisa ukuthi abantu bakhelwa izindlu ezindaweni lapho behlezi khona abazukushintshelwa kwezinye izindawo. Indlu ngayinye izoba ngu 40 square metres nokuyindlu enkulu ngokwanele futhi engcono kakhulu nangokwesakhiwo.
Lezizindlu zizohambisana nezindlu zangasese zohlobo oluhambisana nezinga elibekwe uMasipala woGu. Ngokohlelo silindele izindlu ezingu 150 nezindlu zangasese ezingu 150 zibe sezakhiwe ngasekupheleni kwalonyaka. Ngonyaka ozayo silindele kwakhiwe izindlu ezingu 600 nezindlu zangasese ezingu 600.
Ngonyaka ka 2008 silindelele kwakhiwe izindlu ezingu 250 nezindlu zangasese ezingu 250. Lokhu kuveza ngokusobala ukuthi kuleminyaka emithathu ezayo kuzobe kusetshenzwa kulendawo.
Mangisho ngithi lomsebenzi kanye neminye eminingi esiphezu kwayo iyigalelo lika Hulumeni lokuguqula izimpilo zabantu. Kusekuningi okufanele sikwenze ngokubambisana kulesisikhathi esizayo ukuze ekugcineni sinqobe yonke imiphumela yemithetho nemigomo yezikhathi zobandlululo.
Sibonga kakhulu ukubambisana esinakho nobuholi kanye nomphakathi lapha okusenze safinyelela kuleliqophelo esikulo namhlanje.
Ngalamazwi kuyintokozo enkulu kimina ukuba ngethule ngokusemthethweni uhlelo lokwakhela abantu bakithi izindlu lapha endaweni yaseSimahla.
